Owayengukapteni futhi othathwa njengenkakha yeLeeds United neBafana Bafana uLucas Radebe ubongele ayelidlalela iLeeds United ngokunqoba isicoco se-EFL Championship League, okusho ukuthi izokhuza ibuya kwi-English Premier League ngemuva kweminyaka engu-16 idlala ehlathini.
Ukudliwa kweWest Brom ngo 2 – 1 ngoLwesihlanu ibhekene neHuddersfield Town kusho ukuthi iLeeds, eqeqeshwa uMarcelo Biesla, inqobe isicoco se-EFL Championship League.
Ezinkundleni zokuxhumana abalandeli beLeeds nabadlali bayo abadala baphume ngobuningi babo bezoyibongela.
Ebhala ekhasini lakhe kuTwitter uLucas Radebe uthe ekugcineni selifezekile iphupho labo lokubuyela kwi-EPL.
After long 16yrs finally the wait is over our dreams have come true bak in the premier league come on @LUFC Congratulations to ElLoco an the Boys absolutely proud.#MOT 💛🤍💙@andrearadri pic.twitter.com/NnTmkd0cMF— Lucas Radebe (@LucasRadebe) July 17, 2020
Umlando kaLucas ‘Rhooo’ Radebe kwiLeeds
URadebe waqala ukudlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana ngo-1992. Ngemuva kweminyaka emibili walifulathela elakuleli wayohlala e-England, lapho afike adlalela khona iLeeds United. URadebe wazakhela igama njengomdlali onohlonze ezweni lase-England. Ngaphansi komholi omusha weqembu uGeorge Graham, uRadebe wasebenza ngokuzikhandla, okwaholela ekwethiweni kwakhe ngabalandeli beLeeds elika “The Chief”. Ngo-1998 waqokwa njengokapteni weLeeds. Kungawo futhi unyaka ka-1998 lapho abuyela khona eNingizimu Afrika ukuzohola iqembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba.
Ngaphansi kobuholi bakhe iLeeds yalala isine kwiPremiership ngesizini ka-1998/99, yabe isithathu ngesizini elandelayo. Ngo-2000 wathola ukulimala okunzima edolweni, okwenza wama iminyaka emibili ebholeni wabuyela ngo-2002 esezohola iqembu leNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba.