Ummeli ecaleni lokubulawa kowayengumdlali we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa uthi kunofakazi azobabizela enkantolo abazoveza ukuthi ‘wabulawa’ nguLongwe Thwala.
Sekunesikhathi uThwala esolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kukaMeyiwa, kodwa yena nabanye ababesendlini okubalwa kubo umngani kaMeyiwa uTumelo Madlala, owayeyintombi kaLongwe uZandi Khumalo nodadewabo uKelly, owayejola noMeyiwa.
UMngomezulu uthe uMnuz Tumelo Madlala wathinta umlisa okuthiwa wuHlophe ethi uMeyiwa udubuleke elamula uLongwe nentombi yakhe uZandi Khumalo.
“ULongwe wafika edakiwe ephethe isibhamu waxabana noZandi wadubula kwalimala uMeyiwa, wazidubula naye uLongwe emlenzeni,” kusho uMngomezulu.
Ngeledlule uMngomezulu uveze ukuthi bazoletha ufakazi oyiphoyisa ozochitha obunye ubufakazi obethulwe abeshushisi kuleli cala. Uthe ubufakazi besibhamu obalethwa yiphoyisa kuyingxenye yamanga akhelwe ukuvikela umuntu oyedwa ‘ongekho enkantolo’.
#SenzoMeyiwaTrial | ENCA
— YaseBlock B 🇸🇿 (@ThisIsColbert) August 28, 2023
"There were no intruders, fight broke out when Longwe Twala arrived with a gun – very angry he didn't even greet anyone,"🥹
Meyiwa believes Longwe has a case to answer.
Dr Musa Steve Harvey Julius Malema Capitec #ShakaiLembeMzansi Chris Brown Number 8 pic.twitter.com/YkEMHu0jmn
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi ethula ubufakazi enkantolo uTumelo Madlala waveza ukuthi uTwala waphusha oyedwa wabangena endlini, wabaleka. Ebuzwa ukuthi wamphusha kanjani umuntu ephethe isibhamu, wavele wathi uLongwe usadla anhlamvana, inkantolo ingambiza ezoziphendulela ngoba naye akazi.
Nangesikhathi u-Adv Teffo esamele abasolwa, wakuveza ukuthi kunobufakazi obuzoveza ukuthi uMeyiwa wabulawa yisibhamu sikaLongwe.