Konke kuhamba kahle kwiqembu lezombusazwe eliholwa wuMnuz Jacob Zuma, iMK Party, ephinde yakhishwa phambili enkantolo kulokhu embangweni wegama ne-ANC.

INkantolo eNkulu eThekwini ichithe icala ebelifakwe yi-ANC, ebisola iMK ngokusebenzisa igama nophawu lophiko lwayo oselahlakazwa, uMkhonto weSizwe.

Kube nenhlokomo ngaphandle kwenkantolo amalungu eMK ejabulela isinqumo esikhishwe ngoMsombuluko ekuseni.

Khonamanjalo, umsunguli wale nhlangano, uMnuz Jabulani Khumalo, uthe manje sebezogxila ekukhankaseleni ukhetho olunga-29 May. Ukhuze umkhuba wababanga izikhundla wathi abalinde i-elective conference ezobanjwa ngemuva kokhetho.

“Ukuze sifuke la esifuna ukufika khona okhethweni sidinga ubumbano nokusebenzisana. Ake sikhohlwe yilaba abathi bafuna izikhundla. Ake sibhekane nokuthi sifuna ukunqoba ukhetho. Ngale kokunqoba ukhetho sizobe sesibabiza ke laba abafuna izikhundla sibafake kwi-elective conference, bese siyabona ukuthi bayakwazi yini ukusebenza,” kusho uKhumalo.

Uthe okusemqoka ukubhekelela izidingo zabantu emphakathini, hhayi izikhundla abantu abakuzo. Uthe abafune kubambisana namanye amaqembu ekuphatheni izwe, bafuna ukuzibambela bewuMkhonto weSizwe.

“Asisebenze njengezinhlangano, sizobonana ngale. Abafuna ukusijoyina, abangene ngemuva kwethu. Akukho coalitation esifuna ukukhuluma ngayo njengamanje.”