Ummeli wabasolwa ngokubulala owayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, uvezele inkantolo enkulu ePitoli ukuthi amaphoyisa ahubhuza amanga kumbiko wawo ngokuqoqwa kobufakazi kulandela ukubulawa kwalo mdlali.

U-Advocate Malesela Teffo uthe uzobiza ufakazi ozokwethula ubufakazi bokuthi uMeyiwa wafela endaweni yesigameko, okungasho ukuthi sasingekho isidingo sokuthi kubizwe i-ambulance. UTeffo uveze lokhu ngesikhathi epheka ngemibuzo uSergeant Thabo Mosia, owayeqoqa ubufakazi be-forensic kulandela ukubizelwa endaweni okwadutshulwa kuyo uMeyiwa.

UMosia unqabile ukuphawula kumbono kaTeffo ngokuthi uMeyiwa wafela endaweni yesigameko, kubo kwaKelly Khumalo eVosloorus eGoli.

UTeffo uveze lochu ngemuva kokucuza uMosia kaningana ngokuphazamiseka kwendawo yesigamek ngaphambi kokuthi afike.

“UMeyiwa waphuthunyiswa esibhedlela ukuze kuhlengwe impilo yakhe” kuphendula uMosia. 

UTeffo ube esesola abantu ababesendlini ngelanga uMeyiwa adutshulwa ngalo ukuthi babeyolahla isidumbu sikaMeyiwa emakhazeni asesibhedlela.

U-Advocate George Baloyi, owumshushisi woMbuso, ucele uTeffo ukuthi abachazele kabanzi ngalo fakazi azomletha eNkantolo ozokhuluma ngokuthi uMeyiwa washonela endaweni yesigameko.

“Angeke ngikwazi ukudalula ukuthi ubani ufakazi kanye nemininingwane yakhe ngenxa yobucayi becala. Okunye ukuthi angase asongelwe njengoba kwamina ngiwummeli ngisongelwa,” kusho uTeffo. 

Ngenkathi liqala cala namhlanje uTeffo umpheke ngelicane uMosia emsola ngokuhubhuza amanga eNkantolo. UMosia utshele inkantolo ukuthi uBrigadier Ndlovu, ongasekho emhlabeni, wamfonela ebusuku wamthuma ukuthi aye endaweni yesehlakalo kodwa wangamnika ikheli. Eqhuba uMosia utshele inkantolo ukuthi uBrigadier Ndlovu (oshone esewuMajor General), wathi akaye esiteshini samaphoyisa.

UTeffo ube esekhumbuza uMosia ukuthi uqale wathi uMajor General Ndlovu wayengekho esimeni sokuthi amnike ikheli, waziyela yena esiteshini samaphoyisa ukuyofuna ikheli. Uqhube wamkhumbuza ukuthi uphinde watshela inkantolo ukuthi amaphoyisa ayesesiteshini afonela izimoto ezazingekho esiteshini, wabe eselithola kanjalo ikheli. 

“Angifuni ukuthi unamanga ngoba umdala ngiyakuhlonipha, umuntu omdala akawaqambi amanga,” kusho uTeffo. 

Uphinde wambuza uMosia ukuthi kungani akhulume izinto ezingafani ekubeni ewumuntu womthetho onguchwepheshe futhi osefunge phambi kwenkantolou ukuthi uzokhuluma iqiniso. Ube esemtshela ukuthi usenga ezimithiyo. 

UTeffo uthe bonke ababesendlini ngosuku lwesigameko ibona abangabasolwa kuleli cala.

“Abasolwa akukwazi ukuba abantu ababengekho kumuzi okwabulawa kuwo uMeyiwa ngo-Okthoba 26 2014. Ngokwabanyi becala u-375 (elavulwa lahoxiswa) abantu abayisikhombisa ababesendlini kumele babekweicala lokubulala uSenzo Meyiwa nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. ULongwe Twala kumele abe wumsolwa wokuqala, uKelly Khumalo umsolwa wesibili, uGladness Khumalo owesithathu, uZandile Khumalo owesine, uTumelo Madlala owesihlanu, uMthokozisi Twala owesithupha, uMaggy Phiri umsolwa wesikhombisa.”