Londiwe Mthethwa

Amaphoyisa athi luyaqhubeka uphenyo ngezidakamizwa ezingabiza uR15 million ezibanjwe emkhumbini echwebeni laseRichards Bay ngoMsombuluko.

Kulo mkhumbi amaHawks abambe izidakamizwa eziwuhlobo lwe-cocaine, okuthiwa bezisuka eColombia zibheke kuleli.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, kuvela ukuthi amaHawks bese kunesikhathi ahabula ulwazi lokuthi kunomkhumbi obheke kuleli ophethe impahla engekho emthethweni. Kuqalwe uphenyo ngaphambi kokuthi zifike kuleli izidakamizwa. Umkhumbu ufike eBay abakwasidlodlo sebevele bewulindile, kodwa akukaboshwa muntu.

Inhloko yamaHawks KwaZulu-Natal uMajor General (Dr) Lesetja Senona ukushayele ihlombe ukunqandwa kwezidakamizwa ngaphambi kokuthi zifinyelele emgwaqeni yakuleli.

“AmaHawks adlulisa ukubonga kubo bonke abadlale indima kulolu phenyo, ikakhulukazi abantu bangaphandle esisebenzisana nabo ababambe iqhaza beqinisekisa ukuthi lezi dakamizwa azifiki emigwaqeni yakuleli. Sizoqhubeka sisebenzisa nezinhlaka zangaphandle ukuze sibambe abathintekayo ekushushumbiseni izidakamizwa,” kusho uSenona.