Umculi ophinde abe yingxenye yeRich Housewives of Durban (RHOD) uLondiwe Zulu, odume ngelika Londie London, uyaqhubeka nezinyathelo zomthetho azithathela umsakazi weGagasi FM uMinnie Ntuli.

ULondon ubethumele uMinnie incwadi ngabameli bakhe imyalela ukuthi kufanele ashicilele ivideo exolisa kuyena ngakwenza/nakusho ngaye ohlelweni iRHOD athi kwamdicilela isithunzi. Ubefuna axolise nangokumbeka umunwe esiphongweni ngesikhathi bebanga indaba yokuthi uMinnie wayefuna axolise ngokumbuza ukuthi ‘uzalwa ubani lo’ – ethuswa yindelelo yakhe.

UMinnie wathatha amazwi kaLondie njengokudelela abazali bakhe kodwa wonke umuntu kuyaziwa ukuthi umuntu uma edelela vele kuyabuzwa ukuthi ukhuliswe obani lo muntu odelela kanje.

Ngokwencwadi ethunyelwe abameli bakaLondie kuMinnie, akasamukeli isitatimende esaphenyekwa wuMaNtuli ezinkundleni zokuxhumana, futhi uyakuchitha ukuthi lo msakazi wamthinta exolisa. Uthi waze waxolisa nge-SMS nakhona ngemuva kwesitatimende seGagasi FM esaveza ukuthi lo msakazi uzohlaba ikhefu njengoba esabhekene nomsindo ngokuziphatha kwakhe kwi-RHOD.