Umqeqeshi wePolokwane City uPhuti Mohafe ulindele ukuthi ezakhe zibuye namaphuzu amathathu emdlalweni wazo neKaizer Chiefs esebenzisa amaqhinga ‘abawajwayele’.
IPolokwane City isihluleke ukunqoba umdlalo emdlalweni emithathu edlule, futhi uMohafe uyabubona ubungozi beChiefs edlule ngokulingana ngo 2-2 neRoyal AM emdlalweni odlule kodwa uthi ayimfakeli uvalo.
“IChiefs iyingozi uma uyibhekisisa noma ingenzi kahle kangaki ngoba bafike bewine bese kudlula isikhathi bengawini, baphinde bawine futhi,” kuchaza uMohafe.
“Bayingozi ngoba badlala amabhola amade, bahlasela ngokushesha. Ngicabanga ukthi besidinga loluhlobo lomdlalo ngoba siyakwazi ukubhekana namaqembu adlala ngale ndlela. Ngicabanga ukuthi sizodlala kangcono uma sesibhekene nabo.”
Egcina ukubhekana lawa maqembu (ngoMay 2024) umdlalo waphela ngo 0-0.
IRise and Shine izobhekana naMakhosi eNew Peter Mokaba Stadium ngeSonto ngo-15.30.
Eminye imidlalo yeBetway Premiership kule mpelasonto:
NgoLwesihlanu
Richards Bay FC vs SuperSport United (19.30)
NgoMgqibelo
TS Galaxy vs AmaZulu FC (15.30) | Marumo Gallants vs Magesi FC (17.45) | Sekhukhune United vs Cape Town City (20.00)
NgeSonto
Polokwane City vs Kaizer Chiefs (15.30)