Ompetha beMTN8 i-Orlando Pirates sebezoxhaswa abakwaSuzuki ngezimoto ngemuva kokuhlala iminyaka benganayo inkampani yezimoto ababambisene nayo kulandela ukuphela koxhaso lakwaFord ngo-2020.
Ezimnyama bezixhaswe yiFord kusukela ngo-2017, kodwa kwakuyinkontileka yeminyaka emithathu kuphela. Namhlanje iBucs imemezele ukuthi isizoxhaswa yiSuzuku South Africa.
Isukile! We’re proud to embark on an exciting new journey with @orlandopirates as their official vehicle partner. A new season with a partnership ready to drive the game forward. #SuzukiSA #SUZUKIxOP #OnceAlways pic.twitter.com/8ikUY5FmCa
— Suzuki SA (@Suzuki_ZA) July 24, 2025
Ukungena kweSuzuki kwiBucs kusho ukuthi isinabaxhasi okubalwa kubo lezi zinkampani: Vodacom engeyakuleli, SuperSportBet nayo yakuleli, Oppo yaseChina, Adidas yaseGermany, Aquelle yakuleli, Marriot Bonvoy yaseMelika nakuleli,neSuzuki yaseJapan.
KwaSuzuki kulindeleke ukuthi abadlali, abaqeqeshi kanye nabanye abakwi-management yeBucs ukuthi bahlinzekwe ngezimoto esingabala kuzo iSwift ebalwa kwizimoto ezidayisa kahle kuleli, Fronx eyi-crossover SUV, naye ebalwa kwizimoto eziwu-10 ezidayise kahle kwikota yokuqala kuleli, kanye ne-Ertiga ejwayele ukuhudulwa abashayeli be-Uber neBolt.
Enye imoto enokuthengwa yiSuzuki Jimny eyi mini-SUV ekwazi nasezindaweni sazemakhaya kubadlali abazobuye badinge ukuyovakasha khona.