Umqeqeshi we-Orbit College uPogiso Makhoye uthi akakhathazekile ngendawo abakuyo kwiBetway Premiership njengamanje ngoba inhloso yabo ukuvika izembe kule sizini futhi izinhlelo zabo zihamba kahle.
UMakhoye ubeke kanje ngemuva kwesibhaxu sika 4-1 abasithole kwiKaizer Chiefs emdlalweni weligi izolo okuwumphumela obashiya behleli kunombolo 12 kwi-logo yePremiership. Bashiya iqembu elisemsileni (16) iChippa United ngamaphuzu ayisithupha.
“Uma sibuka esifisa ukukuzuza kule sizini ngobona izinhlelo zethu zisahamba kahle,” kusho uMakhoye ekhuluma nabezindaba eFNB Stadium izolo.
“Sifuna ukugcina istatus seqembu kwiBetway Premiership kule sizini. Besihlele ukuthi emidlalweni ewu-15 yokuqala kwiligi sifuna ukunqoba imidlalo eyisikhombisa; sesinqobe imidlalo emine, sadliwe kweyisikhombisa uma ngingenzi iphutha.
“Ngijabule ngendlela isizini ehamba ngayo. Sisanemidlalo esisazoyidlala ekhaya. Kusazoba nekhefu le-AFCON engibona lizosisiza. Sifuna ukuqhubeka siqoqe amaphuzu ikakhulukazi uma sidlala ekhaya ukuze sizovika izembe.”