Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana uTsepo Masilela usencome umsebenzi owenziwa abaqeqeshi beKaizer Chiefs uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.
UMasilela ungomunye wabantu abashaye amakhala ngezinga lalaba baqeqeshi abambile ngemuva kokuxoshwa kukaNasreddine Nabi.
Ekhuluma ngemuva kokubuka iChiefs ishaya i-Orbit College ngo 4-1, uMasilela uncome laba baqeqeshi ngezinqumo zabo.
“Kuyangijabulisa ukubona umfana omncane uVilakazi enikezwa ithuba lokudlala kusaqala umdlalo, naye ubukeka elithatha ngazo zombili leli thuba,” kusho uMasilela ngemuva komdlalo ekhuluma kwiSoccerBeat.
“Uma ngikhuluma ngomdlalo kodwa, esiwombeni sokuqala ngemuva kokukora igoli lokuqala ngibabone bezithela ngabandayo kancane.
“Ngiyakhumbula sisaqeqeshwa wuStuart Baxter wayehlale esikhumbuza ukuthi asidlaleli ukugcina ibhola, sidlalela ukukora. Kodwa ke esiwombeni sesibili ngibone iChiefs ehlukile, ebihlasela ibhokisi le-Orbit.
“Esiwombeni sokuqala bebebuyisela ibhola emuva kakhulu futhi bedlala ngesivinini esiphansi. Nabaqeqeshi ngibabona besivala imlomo, ngiyakuthanda lokho.”
UMasilela uqhube waveza ukuthi ngokubona kwakhe uMdu Shabalala usendleleni ebheke ekuzibekiseleni ngendawo kwiBafana Bafana.
“I-AFCON isiseduzane, wonke umdlali ufuna ukuya eMorocco…izolo udlale kahle kakhulu uShabalala. Kufanele aqhubeke asebenze ngokuzikhandla, ngingathanda ukumbona kwi-AFCON kodwa kusanemidlalo okusafanele aziveze kuyo.”