Iphini likamqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uSteve Komphela uthi ikhempu yase-Austria ibavule amehlo ngoba basahlalelwe umqansa wokudlala kwimiqhudelwano eyisikhombisa kulesizini ezoqala.

ISundowns iwukudla kwenduku e-Austria njengoba iqhuba amalungiselelo esizini ka-2024/25. ABafana Ba Style bathole isibhaxu bebhekene neSV Sandhausen neDynamo Kiev, badlala i-draw ka 1-1 bengcweka neCardiff City ngoLwesibili. 

ISundowns izogoqa uhambo lwase-Austria ngomdlalo omkhulu noshampeni baseSaudi Arabia i-Al Hilal ngoLwesihlanu. 

UKomphela uthi konke kusahamba ngendlela yize imiphumela ingagculisi.

“Kunezinto ezimbili ezizama ukuzibheka kulemidlalo yokungcweka. Sihlolisisa ibhola esilidlalayo, sibuye sibhekisise nemiphumela. 

“Imiphumela isiphoxile ngoba akwenzeki iqembu lidlalele ukungawini. Sifana nomshini okhandelwe ukukhiqiza imiphumela. Kunezifundo esizitholile. ICardiff izokudalela izinkinga eziningi uma izogoba amabhola emoyeni. ICardiff isebenza ngama-set play, kudingeka uqaphelisise uphinde uhlekele enkundleni.

“ICardiff ibidlala ngamandla, okuyinto ekuphazamisayo uma ubungakuhlelanga ukudlala ngaleyondlela. Kuningi okuhle engikubonile, iqembu lisacathula okwamanje kodwa sibheke phambili,” kubeka uKomphela ecashunwa yi-website yeqembu.

AmaBrazilians azodlala kwimiqhudelwano eyisikhombisa kulesizini, okubalwa kuyo iBetway Premiership, MTN8, Carling Knockout Cup, Nedbank Cup, CAF Champions League, African Football League (AFL) neFIFA Club World Cup. 

“Isizini izoba yinde kakhulu, sizodlala kwimiqhudelwano ehlukene edinga ukuhlelelwa ngezindlela ezingafani. Sizodlala kwimiqhudelwano yase-Afrika, kulandele iClub World Cup ezohlanganisa amaqembu ahlukene emhlabeni jikelele. 

“Kusekhona imiqhudelwano yasekhaya, ngibala neligi. Kufanele sihlelele yonke imiqhudelwano uma silungiselela isizini entsha.

“Konke kuhamba kahle okwamanje, abanye bekudingeka baphumule ngokwanele ngoba bebeyingxenye yeBafana Bafana. Kufanele sibanakekele ngoba baxinwe yimidlalo eminingi, bengaphumuli ngokwanele. Azikho izingqinamba ezisithwalise kanzima, sizokwazi ukumelana nobunzima ngesizini ezoqala,” kubeka uKomphela.