Ngemuva kokuchitha isikhathi eTürkiye ilungiselela isizini ka-2024/25, ngoMgqibelo sithole ithuba lokuqala lokubona ukuthi uphekani umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi. Nakhu esikufundile.

IKaizer Chiefs iqale ngalaba badlali kulo mdlalo: Petersen, Frosler, Ditlhokwe, Msimango, Mbuthu, Maart ©, Zwane, Shabalala, Vilakazi, Du Preez, Chivaviro

Kuzokhumbuleka ukuthi uPetersen uqale isizini edlule engunombolo 1 kwiChiefs kodwa amaphutha ahambisana nokutatazela aholele ekutheni agcine esekhuhla ibhentshi ephikisana noCavin Johnson. Akukho okutheni akwenzile kulo mdlalo kodwa igoli lokuqala ubengenza kangcono, kunalokho uqoke ukuba yisigxobo wethamela obekwenzeka phambi kwakhe kunokuphuma. Noma konke kwenzeke ngokushesha, ubengasondela ngesikhathi ibhola lokuqala lingavaleki kahle.

UDitlhokwe noMsimango kuqale isizini edlule kuthiwa yizona zitobha ezizokwakha udonga lweChiefs, kodwa namanje kubukeka kusanento eshodayo uma bedlala ndawonye. Banokuthamba kancane futhi abazihlakanipheli izimo ezenzeka enkundleni. Igoli lesithathu nje likuvezile ukuthi ngathi abakhulumi.

UMbuthu (18) ku-left back ube nomdlalo okahle ngaphambi kwephutha alenzile kodwa ubukeka ezoba wumdlali wesikwati kule sizini. Ukuqokwa kwakhe kuzokwenza uHappy Mashiane azinuke amakhwapha njengoba kuvele kuthengwe noBongani Sam ukuthi azovala isikhala sikaSifiso Hlanti.

Isisu esiphethe uMaart, Zwane, Shabalala noVilakazi kasisebenzanga kahle hle ngokubona kwami kulo mdlalo, kodwa ikhona lento ebizwa nge-potential. Ayikho into etheni abayenzile ukuqaqa udonga lweYanga, futhi bebehluleka ukuthola abadlali baphambili…nabo ke, bebengakhombisi ukuba nomfutho wokungena ezikhaleni.

Esiwombeni sesibili kungene uNkosingiphile Ngcobo, obethunga izinto kangcono uma kubhekwe phambili, kodwa bekushoda umgadli ohlakaniphile phambi kwakhe. UDu Preez angimboni ewumdlali okwazi ukudlala kunombolo 9.

IChiefs noma kuphele umdlalo iphethe u-56% webhola, imshayele kabili kuphela unozinti weYanga. Lokhu kuzokhathaza uNabi njengoba leli qembu belithwele kanzima phambi kwepali nangesizini edlule.

Abalandeli beChiefs akumele ubaphathe kabi lo mphumela ngoba isanamasonto ayisithupha ukulungiselela isizini entsha.

Ngesikhathi etheleka kuleli besuka eTurkiye uNabi uphumele obala ngokuthi engathanda ukuqinisa isikwati ngabadlali abanamava.

“Sicela ukunikezwa ithuba. Okwamanje sinabadlali abahle kwiKaizer Chiefs. Singathanda kodwa ukuthayisela ngabadlali abanamava abangasisiza. Singakuthanda futhi nokunikeza abadlali abakhona ithuba…sifuna ukubabona emoyeni ofanele. Asibanikeze isikhathi.”