USihlalo wePSL u-Irvin Khoza uthi ibhodi elengamele iligi lizovota emhlanganweni ongoNovemba ohlelelwe ukuphasiswa kwemithetho emisha eqondene nokudayiswa kwamaqembu. 

UKhoza uveze lokhu esithangamini nabezindaba ngesikhathi kuzokwethulwa inkampani iBetway njengabaxhasi abasha beligi. IBetway izibophezele ekuxhaseni ngezigidi ezibalelwa ku-R900 million eminyakeni emithathu ezayo.

Ukudayiswa kwezitifiketi kuyingxoxo esematheni kulezinsuku kulandela ukubuya kweMarumo Gallants eyathola imvume yePSL ithenga indawo yeMoroka Swallows ebicwile ezinkingeni zezimali. 

IGallants yaqala ngokuthenga isitifiketi seTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) ingakadliwa yizembe ngesizini ka-2022/23. ITTM yayithenge isitifiketi kwiBidvest Wits ngo-2020. 

Ngonyaka ka-2021, iRoyal AM yavunyelwa ukuthenga isitifiketi seBloemfontein Celtic eyayishizila kwezezimali.

UKhoza uthi bazobopha amabhawodi, baqinise imithetho ethinta ukudayiswa kwamaqembu. 

“Ngasosonke isikhathi, sisuke sizama ukugcina umlando weqembu elisuke lisezinhlelweni zokudayiswa. Siyabachazela abaxhasi ukuthi iligi izoqhubeka namaqembu angu-16. 

“Ukwehlisela iligi emaqenjini angu-15 kuyicala elibomvu, kungaphela nesivumelwano esisayinwe nabaxhasi. Siyaphoqeleka ukuthatha isinqumo esizojabulisa abaxhasi,” kuchaza uKhoza.

“Sihlalelwe umqansa wokuqinisekisa ukuthi sithatha izinqumo ezilungile, kulunge isimo. Njengamanje sibeke umthetho onzima olawula ukugunyazwa kwamaqembu. 

“Sekukhona umthetho obhaliwe ozodluliswa ebhodini lePSL. Lemithetho iqinile, iqembu eliphula umthetho lizolahlekelwa isitifiketi. Isijeziso sibukeka sicindezela kodwa lemithetho izodluliswa ebhodini lePSL elizovota ngoNovemba,” kubeka uKhoza.