Owayengumqeqeshi kwinkulisa yeKaizer Chiefs uFarouk Khan usephakamise imibuzo ngokusayiniswa kwabadlali ababedlalela i-Orlando Pirates uPaseka Mako noThabiso Monyane.
UMako noMonyane kulindeleke ukuthi bamenyezelwe njengabadlali abasha baMakhosi maduze, kodwa uKhan akababoni kahle.
“Uma besezingeni elanele ukwenza umehluko, kungani iPirates ibadedela?” kubuza uKhan engxoxweni neFARPost.
“Uma uzama ukwakha iqembu, kufanele uthenge abasebasha abazokwazi ukukhula bajwale amaqhinga eqembu. Amaqembu amaningi abuye azame ukonga ngokungayikhiphi imali uma esayinisa abadlali, kodwa lokho kuba nomthelela omubi ngokuhamba kwesikhathi.
“Angikuphiki ukuthi bangabadlali abahle, kodwa ngabe bazoyenza idlale kangcono iKaizer Chiefs? Bazoyithatha beyibeke kwelinye izinga? Ngizolinda ngibone. KwiChiefs kudingeka abadlali abazokhuphula izinga lesikwati.”
UMako noMonyane kulindeleke ukuthi babe yingxenye yesikwati esizolungiselela isizini ka-2025/26 eNetherlands.
IChiefs idedele u-Edmilson Dove njengoba isisayinise uMako.