Seziqalile izinkulumo ezinokugxeka phakathi ezibhekiswe kumqeqeshi omusha we-Al Ahly uJose Riveiro ngemuva kwesibhaxu sika 2-0 asithole kwiPalmeiras koweFIFA Club World Cup ngoLwesine.

I-Al Ahly isanephuzu elilodwa kulo mqhudelwano kuGroup A, okuyiphuzu eliqoqe ibambana ngo 0-0 ne-Inter Miami edlalelwa wuLionel Messi. Umphumela wayizolo usho ukuthi kufanele izame ukuthatha amaphuzu aphelele emdlalweni wayo wokugcina wamaqoqo, neFC Porto, nayo ezobe iwafuna la amaphuzu.

Ngemuva komdlalo wayizolo inkakha ye-Al Ahly uHossam Ghaly igxeke amaqhinga kaRiveiro, emsola ikakhulukazi ngokuhluleka wukuhlela kahle isikwati sakhe.

“UJose Riveiro nosomaqhinga weqembu bekufanele bafakele iqembu umfutho ngokwenza izinguquko phakathi nesiwombe sokuqala,” kusho yena.

“Kunabadlali abebengangena bafake umfutho omusha kumaReds. Ukudlala kulo mqhudelwano ekupheleni kwesizini kuthikameze i-fitness yabadlali.

“URiveiro bekufanele enze izinguquko esiwombeni sokuqala ukuze agweme ukwehla kwezinga leqembu, okuyinto esayibona emdlalweni ne-Inter Miami.”

Umdlalo wayizolo uke wamiswa esiwombeni sesibili ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu, kusatshwa ukuthi kungase kube nesivunguvungu esihambisana nokubanika kwezulu, kodwa wagcina uqhubeka ngemuva kwemizuzu ewu-30.