Osondelene nomgadli waseDR Congo odlalela iPyramids FC uFiston Mayele uthi abavele bakhohlwe abeKaizer Chiefs ukuthi bazomthola lo mgadli ngoba abaphathi beqembu bamchizela ngesikhathi benethuba lokumsayinisa esuka kwiYoung Africans eminyakeni edlule.
Lokhu kuvezwe ozibiza ngomfowabo kaMayele uChristian Bukasa othe akuyona iChiefs kuphela okufanele ikhohlwe ngokumsayinisa lo mgadli; kodwa wonke amaqembu aseNingizimu Afrika ebala ngisho iMamelodi Sundowns.
Muva nje kunamaziko ezindaba asakhomba uMayele eMzansi. Babodwa abathi uya kweZimnyama, abanye bathi uya kwiSundowns, isekhona nengcosana ethi ziyaqhubeka izingxoxo phakathi kwakhe neChiefs.
UBukasa uthi kungamampunge konke.
“Akasafuni ukudlala eNingizimu Afrika manje. Kungethusile ukubona ukuthi namanje usamataniswa neChiefs,” kusho yena engxoxweni neKickOff.
“Ngesikhathi uMayele efuna ukuza eNingizimu Afrika, iChiefs yanqaba ukumsayinisa, saqhubeka nempilo. Iqiniso wukuthii ngesikhathi esakwiYanga waywfuna ukuza eNingizimu Afrika kodwa watshelwa ngeminyaka, imali….okwamehlisela umfutho.
“Ngeke aye ngisho kwiMamelodi Sundowns ngoba usedlulile kwisifiso sePSL. Ufuna ukwenza imali manje ngokuya eSaudi Arabia la umholo wakhe uzophindwa kathathu. Sikhuluma ngemali yangempela manje.
“Eminyakeni anayo sekufanele abeke imali nomndeni wakhe phambili, yingakho sixoxisana namaqembu aseSaudi Arabia.”