Umqeqeshi waMaZulu FC nosomaqhinga weqembu kulindeleke ukuthi balakhe kabusha Usuthu ngemuva kokudedelwa kwabadlali abawu-16 okubalwa kubo abadlali abathembisayo nabanamava.

AmaZulu amemezele ngesitatimende ngoLwesihlanu ukuthi bonke abadlali abadedelwayo ngabaphelelwa yizinkontileka ekupheleni kuka-June, izinkontileka zabo azivuselelwanga.

Uhlu lwabadlali abadedeliwe: Veli Mothwa, Andile Mbanjwa, Abbubaker Mobara, Sandile Khumalo, Mbongeni Gumede, Kwanda Mngonyama, Ramahlwe Mphahlele, Thembela Sikhakhane, Wayde Jooste, Skhulile Manyoni, Rowan Human, Ethan Brooks, Augustine Mulenga, Msindisi Kunene, Junior Dion, and Boniface Haba.

Kuzothusa abaningi ukudedelwa kukaHuman oneminyaka ewu-24, ngokunjalo no-Ethan Brooks (24) ngenxa yeminyaka yabo nokuthi bangabadlali ababukeka besangaba nekusasa elihle ebholeni lakuleli. Abanye abalandeli boSuthu bazwakalise ukungenami ngokudedelwa kukaKwanda Mngonyama noRamahlwe Mphahlele. Kuthiwa uMngonyama udlale kahle kwiCOSAFA Cup muva nje, kanti uMphahlele ubengomunye wabadlali abamqoka oSuthwini ngesizini edlule emuva. Kodwa kuyacaca uZwane ufuna ukusebenza ngabadlali bakhe ngemuva kokuqeda kunombolo 6 ngesizini edlule.

Ngaphandle kwalaba badlali AmaZulu akuqinisekisile ukuthi samukeliwe isicelo se-Orlando Pirates sokusayinisa uTshepang Moremi.

UMoremi ukulindeleke ukuthi abe yingxenye yesikwati sePirates esizolungiselela isizini entsha eSpain.