Ukapteni we-England uHarry Kane uthi izinkakha zeqembu lesizwe zigxeka ubala ngoba nazo zahluleka ukunqoba indebe ngesikhathi zisadlala.
UGary Lineker, Wayne Rooney noGary Neville okuyizinkakha zeNgilandi esezihlaziya ibhola, zikhalaze ngokuboza nokungazinikeli kubadlali selokhu kuqale umqhudelwano we-EURO 2024.
INgilandi, eyizimfivilithi, ishaye udaka emdlalweni wesibili wamaqoqo ophele ngo 1-1 idlala neDenmark ngeSonto eledlule. Lomphumela ushiye abathandi bebhola bekhexile kwazise amaThree Lions anqoba ngengciciyela ka 1-0 edlala neSerbia kowokuvula.
Ekhuluma ohlelweni lweBBC Sport, uLineker wakubeka kwacaca ukuthi ezikaGareth Southgate zadlala udoti.
“Bekungcono basigqugquzele singabadlali, basifakele umoya. Siyazi ukuthi sekunesikhathi eside iqembu lesizwe lingazinqobi izindebe. Abantu abasigxekayo nabo bahluleka ukunqoba indebe besagijima eqenjini lesizwe.
“Ubunzima bokunqoba indebe badlule kubona. Angisoze ngadelela omunye umdlali. Kufanele bakhumbule ukuthi kwakunjani kokugqoka ijezi, izinto abazikhulumayo ziyazizwa.
“Siyafuna ukunqoba indebe. Ngiyazi ukuthi izinkakha zifuna siqukule indebe. Kungcono bazame ukusiza iqembu, yilokho okudingakalayo,” kubeka uKane ekhuluma esithangamini nabezindaba ngeSonto.
I-England isashaye amagoli amabili kuphela kulomqhudelwano ekubeni iphethe uju lwabagadli nabadlali basesiswini abangalibheki ipali.
UKane uthi izinkinga zeqembu zizolungiseka ngokuhamba kwesikhathi.
“Nginobudlelwano obuhle nabanye abadlali (Jude Bellingham, Phil Foden noBukayo Saka), izinto azihambanga kahle emidlalweni emibili esiyidlalile,
“Ngicela abalandeli baleseke iqembu njengoba kusaqhubeka umqhudelwano. Isikhathi sokugxeka sizovela uma sekuphele lomqhudelwano.
“Kufuneka sizithintithe singabadlali, sibuyise ifomu yethu. Abantu bazoveza imibono ehlukene kodwa ekugcineni izinqumo zenziwa abadlali enkundleni. Abantu banaka izinto esingakwazanga ukuzenza emidlalweni emibili. Sikwazile ukumaka kangcono, asitatazeli ngoba sidlalile kulomqhudelwano ngaphambilini,” kubeka uKane.
I-England, eqhwakele kuGroup C ngamaphuzu amane, izodlala neSlovenia emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngoLwesibili eCologne.