Usihlalo weMaritzburg United uFarook Kadodia, ngempelasonto ukhethe ukugxeka abadlali bakhe namaqhinga abaqeqeshi ngokudliwa kweqembu lakhe yizembe kodwa empeleni kumele azinuke amakhwapha ngokubhacaza kwezakhe.

IMaritzburg United isidumile ngokuba yiqembu elidayisela amanye amaqembu uju lwabadlali njalo uma kuphela isizini. Uma unemali nje, uvakashela eMphithi ukhombe umdlali omfunayo, maningi amathuba okuthi umthole.

Ngamanye amazwe isiphenduke lento ebizwa nge-feeder club. Ngabe kungcono ukube idayisa abadlali nje, ithenga abanye abanohlonze kuyo iDStv Premiership nakwiMotsepe Foundation. Lutho. IMaritzburg isikhathi esiningi ivame ukulanda abadlali abangaziwa, abashibhile, ngethemba lokuthi izobakhulisa ibadayise.

Iningi imali engeniswa ukudayisa abadlali njalo uma kuphela isizini, ikakhulukazi kumaqembu angadlaleli ukuwina izinkomishi. UKadodia ukhale ngoR50 million abangeke besawuthola ehlathini, kodwa uma uhlanganisa nemali abebeyenza ngokudayisa abadlali, iningi imali ezobaphutha ngoba amaqembu adlala ehlathinii awabadayisia abadlali ngenani elifanayo namaqembu adlala esigabeni esiphezulu.

IMaritzburg iqukethe into amaqembu amaningi angenayo kwiDStv Premiership. Idlalela enkundleni esenkabeni nedolobha, abalandeli abaningi bafika kalula eHarry Gwala Stadium, futhi inobudlelwano obuhle nomasipala waseMsunduzi. Lokhu kusho ukuthi iMaritzburg, noma idlalela enkundleni encane, ingelinye lamaqembu angazishaya isifuba ngokukwazi ukuheha abalandeli enkundleni. Kwimdlalo yangoLwesihlanu ebusuku nje abalandeli beTeam of Choice bebengazitheli ngabandayo.

Konke lokho kodwa akwanelanga kubaphathi bayo ukuqinisekisa ukuthi bakha iqembu elizoqhudelana namanye kwiDStv Prem.

Esinye isinqumo okumele azisole ngaso uKodadia ukudedela u-Ernst Middendorp.

Ukuqashwa kukaJohn Maduka abaningi bakubona kuyinto enhle kodwa akubanga yisinqumo esiphusile ngoba uMaduka wazi iBloemfontein Celtic/Royal AM, akakaze abe namava okuqeqesha elinye iqembu ngaphandle kweqembu abeyinkakha kulo kwiDStv Premiership. Yikho izinto zifike zangahamba kahle eMphithi. Ubuyele kwiRoyal AM kwaphinde kwakhanya.

Ngiyezwa nje abanye begxeka uFadlu Davids, kodwa lo mqeqeshi uthathe umsebenzi umkhumbi usuqalile ukucwile, wazama ngakho konke okusemandleni ukuwuhlenga. Ukufika kwiMaritzburg kuma-playoff nje kufakazela imizamo yakhe ngoba ngaphandle kwayo ngabe kade yaqala ukulungiselela imvela iTeam of Choice.