Umqeqeshi weMorocco, uWalid Regragui, uthi iBafana Bafana ingamangaza abaningi kwi-Africa Cup of Nations uma idlala ngendlela edlale ngayo ibashaya ngoMqgibelo.

IBafana inqobe ngo 2-1 ngoMgqibelo ishaya iqembu eliphume kuma-semifinal eWorld Cup eQatar, eyashaya ameqembu okubalwa kuwo iPortugal neSpain.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uRegragui uthe umdlalo ubengekho lula.

“Ngiyalazi izinga leBafana, ngike ngakuveza ukuthi iyiqembu elikhulu e-Afrika, kodwa ke iqiniso ukuthi siqale sadlala neCape Verde ngaphambi kokubhekana neNingizimu Afrika.

“Unozinti, uWilliams, ube nomdlalo omuhle, ngisho elahla ibhola bekungeyona inkinga. Uma nidlala kanjalo, kuba lula. Ngikuthandile ukuqhudelana phakathi kwamazwe.

“Ngicabanga ukuthi bangamangaza abaningi kwi-AFCON uma bezodlala ngale ndlela. Kuyangijabulisa ukubona leli qembu ngoba iNingizimu Afrika inabadlali abahle, buka iMamelodi Sundowns, nineligi eqinile.”

Lo mqeqeshi uqhube waveza kodwa ukuthi kukhona abakufundile emdlalweni wabo neCape Verde ngokunjalo noweBafana Bafana.