Oyinkakha ebholeni lakuleli uJomo Sono ubona izogcina ngokuzisola iKaizer Chiefs eqoke ukuqasha uNasreddine Nabi, yayekela uPitso Mosimane, onamava okusebenza ezingeni eliphezulu kuleli.
Kulindeleke ukuthi iGlamour Boys imemezele uNabi ngokusemthethweni ezinsukwini elilandelayo njengoba lomqeqeshi ezoshiya kwi-AS FAR Rabat yaseMorocco.
IChiefs yayikade imgaqele uNabi ngesikhathi eshiya kwiYoung Africans yaseTanzania ekupheleni kwesizini ka-2022/23. Lomqeqeshi wagcina esayine kwiRabat eyayinqobe isicoco seligi ngesizini ka-2022/23.
UJomo ubalule ukuzikhandla nesipiliyoni kuPitso njengezizathi ezimenza awulungele umsebenzi wokupheka iChiefs.
“UPitso uyazikhandla kakhulu, ubewulungele umsebenzi wokucija iChiefs. Impumelelo yakhe njengomqeqeshi uyizuze ngokusebenza kanzima. Ukuqoka uPitso bekuzoba yisinqumo esihle.
“IChiefs ilahle ithuba elingqayizicele ngokuyeka uPitso. Usebenze ezingeni eliphakeme, bekufanele anikezwe ithuba lokupheka iChiefs,” kuchaza uJomo ekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide.
UJomo usola ukuthi imali ephoqe ukungaqashwa kukaPitso.
“Ngikholwa ukuthi ukuqasha uPitso bekuzoba yisinqumo esihle. Angithandi ukuphawula ngoba anginalo ulwazi ngokwenzeka emahhovisini eqembu. Kungenzeka ukuthi indaba kaPitso ivinjwe yimali ebifuneka. Ubezosebenza kahle kwiChiefs.
“Kuyenzeka uzisole uma ukhetha ukushada nomuntu ongakulungele. Ngithemba ukuthi iqembu angeke lizisole ngokuqoka omunye umqeqeshi (Nabi), liyeke uPitso Mosimane.