Njengoba umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena esendleleni ephumayo eChloorkop, oyinkakha yeqembu uBennet Mnguni ubona kuyiphutha elikhulu ukudedela lomqeqeshi. 

Sekulindelwe isitatimende seqembu esizoqinisekisa ukuthi uRulani useshiyile kwiDowns njengoba kuphele usuku lwanoLwesibili kudingidwa udaba lwesehlukaniso.

URulani akalubhadanga eChloorkop kusukeka iSundowns iqale amalungiselelo esizini entsha. Kubikwa ukuthi lomqeqeshi akaboni ngasolinye nosomaqhinga weqembu uFlemming Berg ngoba behlukene phakathi ngabadlali okufanele bathengwe nesitayela sokudlala. 

UMnguni uthi bekufanele baxoshe uBerg uqobo ngoba ufike eqenjini livele lingenazo izinkinga. 

“USomaqhinga uyena okufanele ahambe. UFlemming uyena ofice uRulani eziqhubela umsebenzi oncomekayo. Ngibona bekuzoba yisinqumo esihle ukudedela usomaqhinga, kusale uRulani.

“Ngisola ukuthi usomaqhinga usefuna ukuqasha umqeqeshi wasezweni lakhe. Yingakho kudedelwa uRulani. 

“Sizolahlekelwa abaqeqeshi basekhaya. URulani ungowaseNingizimu Africa futhi wenza kahle. Useyadedelwa ngenxa yomuntu osuka ezweni langaphandle? Kuzoba yiphutha elikhulu eqenjini ukudedela uRulani,” kubeka uMnguni engxoxweni neSowetan.

URulani ubesayine inkontileka entsha yeminyaka emine ngoJune wangonyaka odlule. Uhole iqembu liqukula isicoco seligi ne-African Football League (AFL). 

“Anginandaba nezizathu zokudedela uRulani kodwa akufanele alahlwe. UFlemming okufanele abone indlela. Angivumelani nesinqumo sokulaxaza umqeqeshi. Ngithemba ukuthi bazosibuyekeza isinqumo sokuxosha umqeqeshi,” kubeka uMnguni.