Umdlali we-Orlando Pirates uPaseka Mako usola umona kuThembinkosi Lorch ekubhidlikeni kobudlelwane bakhe noDeon Hotto.
ULorch wadayiselwa iMamelodi Sundowns ngoJanuary nonyaka, okuyisinqumo esamangaza abaningi kwazise lomdlali wayehle.
UHotto, oyibamba ophondweni kwesokunxele, wayezitamuzela isikimu njengoba uLorch ebexinwa ukulimala, ukulahleka kwefomu nezinkinga zangaphandle.
Ekhuluma esiqeshini se-documentary eqoshwe yiqembu, uMako uthi inkinga eyayiphakathi kwalabadlali yayingeke isalungiseka ngoba uLorch wayengasafuni kuzwa lutho ngoHotto.
“Ngicela ukungenelela. Mngani (Bandile Shandu), iqiniso libeke obala ukuze indaba izolungiseka. Ngikhumbula uLorch ehleli eduzane nathi. UHotto wazama ukubingelela u-nombolo 3 (Lorch) kodwa uLorch wangavuma. ULorch wayengafuni ukukhuluma noHotto. UHotto wayefuna ukuyilungisa inkinga kodwa uLorch wakubeka obala ukuthi akafuni ukukhuluma naye. Indaba yabo yayingeke isalungiseka,” kuchaza uMako.
Eqhubeka nokukhuluma, uMako uthi lengxabano yathikameza ubumbano eqenjini ngoba nabadlali bahlukana phakathi.
“Ukungazwani kukaLorch noHotto kwaliphazamisa iqembu. Ngizokubeka kanjalo. Kukhona abadlali ababengazwani noHotto, angifuni ukubabeka ngamagama. Ngashaqeka ngoba kufanele sibe yiqembu.
“Bekwenzeka bengaphaselani ibhola enkundleni. Bekukhona izikhathi lapho bedlalana kabi. Ingxabano yabo yaliphazamisa iqembu. Bekujwayelekile ukuthi bengabingelelani uma behlangana.
“ULorch ubehlezi elimele, ebona ukuthi uHotto ushaya amagoli. Ngisola umona kuLorch. Kukhona nabadlali abangenelela, abanye basekhona eqenjini,” kubeka uMako.