Owayengumdlali weKaizer Chiefs oyishiye esenikezwe inkontileka entsha, uKhama Billiat, usephumele obala ngokwamenza wafulathela Amakhosi.

UBilliat (34) ushiye iChiefs ekupheleni kwesizini ka-2022/2023. Kwakulindeleke ukuthi ajoyine iqembu ngesikhathi kulungiselelwa isizini ka-2023/2024 kodwa wagcina enyamalele, wabuyela eZimbabwe. Ukubuyelwa yifomu njengoba edlala ekhaya sekumfake eqenjini lesizwe futhi useqala ukumataniswa namaqembu ePSL angamholela imali engcono kunayihola eZim.

Lo mdlali nokho uthi washiya kwiChiefs ngoba esefuna ukubuyela ekhaya.

“Ngabona kuyisikhathi esihle sokuthi ngibuyele ekhaya. Babefuna ngihlale kodwa ngangingekho esimeni esifanele somqondo ukuthi ngihlale enye isizini ngenxa yokulimala nengcindezi engangikuyo. Kwakungekho mnandi.

“Ngangizohlala, ngangingenankinga nokuncishiselwa umholo, kodwa ngangibona sengathi inkulu kakhulu ingcindezi.”

Lo mdlali ungomunye wabambalwa asebephumele obala ngobunzima bokuba wumdlali weChiefs nengcindezi okuhambisana nakho.

Noma kunjalo, umqeqeshi omusha weqembu uNasreddine Nabi ubukeka ezama ukujika izinto kubadlali beChiefs njengoba sebeqala ukubukeka bekhululekile enkundleni futhi okuyinto ebisingavamile.