Usuhlehliselwe uMsombuluko umhlangano weNational Soccer League Board of Governors (BoG) obekulindeleke ukuthi uhlale namhlanje kutholwe umhlahlandlela ngokuqhubeka kwemidlalo yePSL.
Izingxoxo phakathi kwabanikazi bamakilabhu bekulindeleke ukuthi kube yizo ezikhomba indlela ngokuthi kuyaqhutshekwa yini nemidlalo iPSL ebifisa iqale ngempelasonto edlule kodwa kwangenzeka iSAFA inqaba nonondweba.
Sekuze kwangenelela iFIFA kulolu daba yelula isikhathi sokuqedela imidlalo ngokunjalo nesokuqala isizini entsha kwazise uSihlalo wePSL u-Irvin Khoza wayethe badinga amasonto ayisithupha ukuqedela imidlalo ngaphambi kuka-Agasti 31 kulandela ukumiswa kwayo ngenxa yokubhebhetheka kweCovid-19 kuleli.
Umhlangano weBoG obuzoba namhlanje uhlehlisiwe kulandela ukuvela kwezindaba zokudlula kwenkosikazi kaKhoza izolo.