Sphamandla Gumede
Isikhulu senhlangano iSAFA uTebogo Motlanthe sigcizelele ukuthi iKaizer Chiefs kumele ilinde ukuthola imvume ezinhlanganweni iFIFA noma iCourt of Arbitration for Sport (CAS) ngaphambi kokusayinisa abadlali abasha.
IFIFA yahlawulisa iChiefs ngesigwebo sokuthi ingasabasayinisi abadlali esikhathini esingamawindi amabili okuhwebelana ngabadlali ngemuva kokutholakala inecala lokuphula umthetho isayina umdlali waseMadagascar u-Andriamirado ‘Dax’ Andrianarimanana eqenjini iFosa Juniors ngo-Agasti 2018.
“Besingakaze sixhumane neFIFA. IFIFA ikhulumisana neqembu iChiefs. Udaba lusaphethwe iFIFA okwamanje. Konke kuzolunga uma selusingethwe iCAS ngoba iyona ezothatha isinqumo. ICAS isalungiselela icala kodwa angazi sebefike kuphi neChiefs ngokuxhumana,” kuchaza uMontlanthe ecashunwa abeSouth African Football Journalists Association.
IChiefs yaphonsela isinqumo seFIFA inselelo icela ukuthi iCAS ingenelele kuloludaba. Icala leChiefs lizoqulwa ngomhlaka 9 Septhemba. Kubikwa ukuthi Amakhosi aseke akhulumisana neFIFA ecela ukunikezwa imvume ekhethekile ukuze ezosayina abadlali. IChiefs ibikhala ngokuthi ukuqulwa kwecala kubanjwe ukubheduka kwesifo iCovid 19, okuyisizathu esenze kwavalwa amaligi akuleli ngomhlaka 16 Mashi.
“Isinqumo sisamile. IChiefs ngeke isayinise abadlali lingakaqulwa icala. Sisalinde iFIFA neCAS ikhulume neChiefs mayelana nodaba lwabo lokuthenga abadlali kuleli windi,” kubeka uMontlanthe.
Imenenja yeChiefs uBobby Motaung waphendula kanje ebuzwa ngalolu daba.
“Angifuni ukukhuluma ngezindaba ezithinta abadlali. Sisalinde isinqumo seFIFA mayelana nodaba lokusayina abadlali. Okwamanje sisaxoxa, sifuna ukwazi uma singabasayina abadlali ngoSepthemba,” kuchaza uMotaung ecashunwa abeKickOff ekuqaleni ngoJuni.