Sphamandla Gumede

Ususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana owayengumdlali weBafana Bafana uMark Fish ngenkathi eseka umbhalo obugxeka abantu bebala elinsundu kuTwitter. 

UFish ubegcizelela ukuthi zonke izinhlanga zakuleli zibalulekile, okuyinkulumo engahlali kahle kubantu bebala elinsundu baseNingizimu Afrika.

Iningi labantu belimhlasela, limbiza ngomuntu ocwasana ngokwebala ezinkundleni zokuxhumana. Lombhalo ubugxeka nenkulumo ka-kaputeni wamaSpringboks uSiyamthanda Kolisi ayifake ku-Instagram lapho ekhulume khona ngokucwaswa kwabantu bebala elinsundu kuleli. 

Lenkakha yeBafana igcine ixolisile kuTwitter kodwa abantu banqabile ukwamukela uxolo lwakhe bethi uvikela ubuhlanga bakhe kuphela. 

“Ngiyaxolisa ngokucasula abantu abaningi. Angiyena umuntu ocwasana ngokwebala kodwa ngiyakholelwa ekutheni zonke izinhlanga zibalulekile. Zonke izimpilo zabantu zibalulekile,” kuchaza uFish esitatimendeni. 

UFish uthe bonke abantu babaluleke ngokufana emehlweni kaNkulunkulu. 

UKolisi uqophe i-video ku-Instagram ekhuluma ngodaba lokucwasana ngokwebala. UKolisi wabeka ukuthi ukukhula njengomuntu omnyama elokishini kwamenza wazingabaza, ebona impilo yakhe ingenakusasa futhi ingabalulekanga. 

Inkulumo kaKolisi yaze yanconywa yilowo owayengukapteni wamaSpringboks ngaphambilini uJohn Smit futhi yesekwa abantu abaningi.