Owayengumdlali weSevilla ne-Ajax Amsterdam uQuincy Promes ugwetshwe izinyanga eziwu-18 ebhadla ejele ngecala lokugwaza umzala wakhe.

Lo mdlali (31) osemabhukwini eSpartak Moscow eRussia uboshwe ngo-2020 ngecala kulandela isigameko esenzeka ngoJuly kulowo nyaka.

Inkantolo yaseNetherlands imthole inecala lokulimaza kodwa yathi abukho ubufakazi obanele ukuze agwetshelwe icala lokuzama ukubulala. Ngaphezu kokugwetshwa izinyanga eziwu-18, uPromes kuthiwa kufanele amnxephezele ngoR163 000 umzala wakhe.

Ngesikhathi inkontolo imgweba kukhalwe ngokungezi kwakhe eNetherlands ukuzobeka uhlangothi lwakhe. Inkantolo iveze ukuthi ubengagwetshwa izinyanga eziwu-12 kuphela ukube uzile enkantolo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphandle kwaleli cala, lo mdlali uphinde asolwe ngokushushumbisa izidakamizwa ngo-2020. Kubikwa ukuthi waphuma nje eRussia zizomkhalela ngoba iNetherlands ayikwazi ukumbophela eRussia noma ukucela iRussia ukuthi imdedele ezandleni zayo.