Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usezwakalise ukungenami ngokubekwa kukaZakhele Lepasa ebhentshini kwimdlalo yeDStv Premiership.

Empeleni uBroos uveze ukuthi iyamxaka eyokungaqaliswa kukaLepasa imidlalo njalo kwi-Orlando Pirates nakwiSuperSport embolekile ngoJanuary.

ULepasa uvalele igoli lesibili ngesikhathi iBafana iginqa iMorocco ngo 2-1 ngempelasonto, kodwa ubengalithola elinye igoli kulo mdlalo. Usekore emidlalweni emithathu ilandelana kwiBafana.

“Sengike ngakusho lokhu phambiliini; uZakhele umdlali ohlale enezinkinga eqenjini alidlalelayo. Ubengadlali kwiPiragttes, kwiSuperSpory kupjhele isizini engasayiqali imidlalo, okuyinto engingayiqondi.

“Mina ngimnikeza ukuzethemba ngoba uwumgadli omuhle. Usangadlala kangcono kodwa ngijabule ngaye.”

Lo mqeqeshi uncome uLepasa ngokugqilaza udonga lwamaqembu ababhekana nawo. Lo mdlali kulindeleke ukuthi abuyele kwiPirates nge-preseason kodwa kusangenzeka iSuperSport icele ukumgcina enye isizini.

UBroos kulindeleke ukuthi azibambele kwiBafana Bafana ezodlala kwiCOSAFA Cup ngoJulayi njengoba kungenzeka athole ithuba lokubiza abadlali abadingayo ukuze aqale ukulungiselela i-AFCON ezodlalwa ngoJanuary.

Isikhathi esiningi abaqeqeshi bavame ukudedela isekela noma umqeqeshi ka-u23 ukuthi ahole iBafana kwiCOSAFA.