Umqeqeshi waMaZulu FC uRomain ‘Fohloza’ Folz uthi ubengathanda ukuthola isikhathi esithe xaxa ukulungiselela umdlalo wezakhe ne-Orlando Pirates namhlanje.

UFolz, omenyezelwe njegomqeqeshi omusha woSuthu ngeledlule, uzobhekana neBucs namhlanje ngo-19:30 ntambama koweDStv Premiership.

“Ngifisa sengathi ngingaba nesikhathi esengeziwe, ngibe nezinsuku ezine kuya kwezinhlanu zokulungiselela umdlalo. Kodwa kulungile, kuzomele sithole indlela yokumelana nomdlalo sizame ukuphuma nokuthile. Ngisakubonga ukuthi ngizitholile izinsuku ezine neqembu kodwa bengingathanda isikhathi esithe xaxa, kodwa ngiyasamukela isimo engingene kuso,” kusho lo mqeqeshi.

UFohloza uthe uzokwenza konke okusemandleni ukubeka iqembu la abaphathi balo belifuna khona.

AmaZulu aya kulo mdlalo egcine ukunqoba ngo-Agasti.