Umgadli weBarcelona uRobert Lewandowski usephumele obala wavuma ukuthi kufanele inikezwe uKarim Benzema iBallon d’Or yango-2022.
ULewandowski uveze lokhu engxoxweni neMovistar Plus lapho agudle khona abahleli bayo, iFrance Football, ngokuqoka ukungamniki le ndondo ngo-2020 nakuba abadlali nabaqeqeshi abaningi baphumela obala bathi kwakungeyakhe.
NgoMsombuluko ozayo kuzomenyezelwa onqobe le ndondo yomdlali obashe bonke ngesizini ka-2021/2022. Kuvota izintatheli eziwu-100, abadlali bamaqembu kanye nokapteni. UBenzema ubekwe phambili kwabanganqoba le ndondo kulandela ukunqoba i-UEFA Champions League, LaLiga, kanye ne-UEFA Nations League neFrance.
“UBenzema ungomunye wabadlali abaphambili, uma bekhetha ukungawuhoxisi umcimbi nakanjani uzoyinqoba iBallon d’Or,” kusho uLewandowski egudla abahleli bomcimbi.
Ngo-2021 ngesikhathi uMessi enqoba le ndondo naye wathi kwkaumele ayinikezwe iBallon’Or yango-2020 uLewandowski ozohlangana noBenzema ngesonto ntambama uma sekududulana iBarcelona neReal Madrid.