Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, usole abadlali bakhe ‘ngokunqoba’ umdlalo neChippa ungakaqali okudale ukuthi ibashaye. IChiefs iginqwe yiChippa United ngo 2-1 eMoses Mabhida kwajabha inqwaba yabalandeli baleli qembu eThekwini ngoMgqibelo ntambama.

Amakhosi athole igoli kuqala kulo mdlało, uSiyabonga Ngezana engqofa ngekhanda ibhola ebeligotshwe wuKeagen Dolly kwi-corner esiwombeni sokuqala. IChilli Boys isheshe yabuya kulo mdlało zibuya ekhefini, uSiphelele Luthuli evalela igoli ngomzuzu ka-54. Ishayele isipikili usuyophela umdlalo ivalela elesibili ngomzuzu ka-89 nge-own goal ka-Edmilson Dove.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane usole abadlali bakhe ngokuphisana ngamaphuzu.

“Ngicabanga ukuthi sizitshele ukuthi sesiwunqobile umdlalo ungakaqali, indlela esiqale ngayo uyabona nje ukuthi besizitshela ukuthi kuzoba umdlalo olula,” kusho uZwane ekhuluma nabakwaSuperSport.

“Kudingeke ukuthi ngibavuse emaqandeni ngoba besingawuphethe umdlalo esiwombeni sokuqala nakuba sithole igoli, sibanikeze isikhathi esiningi ebholeni, besibavumela ukuthi bazenzele…besingadlala kangcono. Ukube sidlale kangcono sabafaka ngaphansi kwengcindezi, besizobaphoqa ukuthi benze amaphutha.”

IChilli Boys bekungokwesithathu inqoba imdlalo ilandelana kwiDStv Premiership. Izohlala eThekwini kuleli sonto ngaphambi komdlalo neSekhukhune ngoLwesibili.

IChiefs izobhekana neTS Galaxy ngoLwesithathu.