Usazobhekana necala lokushaya owayengumdlali weMamelodi Sundowns ne-Al Ahly, uPhakamani Mahlambi, ophume ngebheyili ka-R5,000 izolo kulandela ukuboshelwa ukubeka isandla intombi ngoba ‘imlethele ukudla okungafudunyeziwe’.

UMahlambi olale ezitokisini ngoLwesibili, uvele enkantolo yemantshi eKempton Park izolo. Ubhekene namacala amabili; elokushaya nelodlame lwasekhaya.

Ngokomibiko weScrolla.Africa, kuvela ukuthi uMahlambi uphakanyelwe wumoya kulandela ukuphakelwa ukudla kungafudunyeziwe endaweni abahlala kuyo e-Edenvale.

Ngemuva kokumvulela icala, kuthiwa intombi yakhe izamile ukulesula kodwa inkantolo yakuchitha lokho njengoba kuyicala ‘elibucayi’.

UPhakamani, odedelwe yiSundowns ngo-2022, usanda kubuya ematheni kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi ubechitha imali eningi ethenga utshwala ngesikhathi esadlala ibhola kuleli. Njengamanje uhlezi akanaqembu.