Inkakha yeManchester United ne-Everton, uWayne Rooney, isikhuze ukapteni weLiverpool uVirgil van Dijk ngokuba wumakhalanjalo.
ILiverpool ilahle amaphuzu izolo ixetshulwa yi-Everton kwiMerseyside derby okuphazamise umgqigqo wayo njengoba izama ukunqoba isicoco kwisizini yokugcina kaJurgen Klopp. Isisele ngamaphuzu amathathu kwi-Arsenal esesicongweni.
Ngemuva komdlalo uVan Dijk uthe bekuwumdlalo onzima kodwa obekufanele bawunqobe, wabe esekhala ngomdlalo ongoMgqibelo ozoqala ngo-13.30 emini. UVan Dijk uthe imidlalo eqala emini ijwayele ukubaxaka futhi ayikho lula, okuyinto efakazelwe wuKlopp.
URooney nokho uthi akavale umlomo aqhubeke nomsebenzi.
“Okungikhathazayo ukuthi uwukapteni, sizwa kuthiwa bahlulekile ukulwa enkundleni kodwa usekhalaza ngesikhathi somdlalo ongoMgqbelo. Ukhalaza kanjani ngalowo mdlalo uqeda ukudliwa kwi-derby?” kusho uRooney ngemuva komdlalo.
“Abadlali beLiverpool kufanele ngabe bathi bafuna ukuvuka kusasa badlale ngoba uma udliwe emdlalweni wabakhaya ufuna ukushesha ukulungise lokho.
“Sekukaningi iLiverpool ikhala ngemidlalo eqala ngo-13:30 kule sizini. Kuyingxenye yomsebenzi lokhu, kumele ngabe bakulungele ukudlala.”
Sealing it at the Street End 🙌
— Everton (@Everton) April 24, 2024
🦋 @CalvertLewin14 pic.twitter.com/VrRu7vRFox
ILiverpool izobhekana neWest Ham ngoMgqibelo, ngesonto elizayo ngeSonto izobhekana neTottenham, ilandele nge-Aston Villa bese ivala isizini ngeWolves.