Imenenja kaPhakamani Mahlambi isidalule ukuthi lomdlali uzoshiya kwiMamelodi Sundowns ayijoyina eminyakeni emine eyedlule esuka kwi-Al Ahly.

UGlyn Binkin utshele abeSABC Sport ukuthi iSundowns inqabile ukwelula kaMahlambi obehlushwa ukuziphatha nokulimala eminyakeni ayihlale eChloorkop.

“Kuyiqiniso, iSundowns isiqoke ukungayeluli inkontileka kaMahlambi. Umdlali usengajoyina noma yiliphi elinye iqembu,” kubeka uBinkin.

Bekubukeka sengathi uMahlambi uzobuyelwa ifomu yakhe yakudala ngesikhathi ejoyina iSundowns eyayiholwa umqeqeshi uPitso Mosimane.

UMahlambi wathengwa ngo-R13 million kwi-Ahly. Nakhona eCairo, bekubikwa ukuthi uMahlambi ubengaziphathi kahle, esolwa ngokudla amanzi amponjwana.

Ngesikhathi sekushiye uPitso, iDowns ibolekise uMahlambi kuMaZulu ngo-2020. Ibhentshi limshayile oSuthwini, wabolekiswa kwiChippa United ngesizini elandelile. Uhlushwe ukulimala kuleyosizini, kwaxoshwa nomqeqeshi uGavin Hunt owayekade ecele ukubolekwa uPhaka.

“Sisambhekela amaqembu uMahlambi, kodwa angeke sidalule amagama esidlangalaleni,” kubeka uBinkin.