Kunabadlali bebhola abahlela ukuphumela obala ngokuthandana nabobulili obufanayo ngenyanga ezayo, abathi sebekhathele ukuzifihla.
Ngokombiko wephephandaba laseGermany, kunethimba labadlali elihlela ukuphumela obala ngosuku olulodwa; uMay 17.
Lokhu bazokwenza njengengxenye yohlelo oluqhubekayo emhlabeni lokugqugquzela lolu hlobo lwempilo. Sekunesikhathi amaqembu eBundesliga eseka uhlelo olwaqalwa wuMarcus Urban, owaphumela obala ngobutabane ngesikhathi esadlala ibhola.
Kuphushwa lolu hlobo lwempilo nje, kuzokhumbuleka ukuthi kunabadlali abagxekiwe ngokujoyina iSaudi Pro League, ngoba inkolo yamazwe ama-Muslim ayihambisani futhi ayibugqugquzeli ubutabani. Empeleni nje kuyicala.
Owayengumdlali weLiverpool uJordan Henderson ugxekwe kakhulu ngesikhathi ejoyina i-Al Ettifaq egijima kwiSaudi Pro League. Ukugxekwa kwakhe kwalandela ukugxekwa kukaSteven Gerrard naye owathatha umsebenzi wokuqeqesha kuleli qembu.
Njengamanje amazwe ase-Euroe ne-USA bagqugquzela ukuthi bamukelwe abantu abaphila le mpilo emazweni ahlukene. Bake bazama nakwamanye amazwe ase-Afrika angazwani nobutabani kodwa akuhambanga kahle njengoba bechithiwe.