Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso useveze akubona kuyisizathu esihamba phambili ngokwehla kwesibalo sabadlali beKa Bo Yellow kwiBafana Bafana.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubize abadlali abahlanu kuphela kwiSundowns esikwatini esizomela izwe kwi-Africa Cup of Nations ezoqala ngo 21 December eMorocco.
Kubo kubalwa uRonwen Williams, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Bathusi Aubaas noTeboho Mokoena.
“Ngicela abalandeli baMasandawana bakuqonde ukuthi besinabadlali abaningi abebelimele ezinyangeni ezimbili/ezintathu ezedlule,” kusho uCardoso.
“OThemba Zwane, Thapelo Morena, Fawaaz Basadien, Malibongwe Khoza nabanye bebelimele. Abadlali beqembu lesizwe laba kodwa ngeshwa ngenxa yokulimala bebengeke bangene esikwatini.
“Ngiyifisela okuhle kodwa iBafana Bafana. Sonke nabadlali nabaphathi beSundowns, siyifisela okuhle kodwa kwi-AFCON.”
UCardoso uchaza kanjena nje yingoba sekubuye kube nokuqhudelana phakathi kwamaqembu amakhulu kuleli ngokuthi yiliphi iqembu eliphethe isibalo esiningi sabadlali kwiBafana Bafana. Eminyakeni emibili/emithathu edlule bekugcwele abadlali beSundowns, kodwa kulo nyaka zijikile izinto njengoba sekungabe-Orlando Pirates abagcwele esikwatini.