Sphamandla Gumede 

“Kunzima ukudlala ibhola elidla utshani uma ubhekene neMamelodi Sundowns kodwa sizosebenzisa ijubane siphinde siqinise emuva ukuze sizoba nethuba lokunqoba lomdlalo.”

Lawa ngamazwi omqeqeshi weHighlands Park u-Owen Da Gama obekhuluma nabeSouth Africa Football Journalists Association esithangamini nabezindaba ngoLwesine. 

IHighlands izogijimisana neSundowns emdlalweni we-Absa Premiership eDobsonville Stadium namuhla ngehora lesithupha ntambama. UDa Gama ucacisile ukuthi ezakhe ngeke ziyinikeze amathuba iDowns. 

“Kumele siqaphele emuva. Uma iSundowns ishaya igoli kuqala, kuzoba nzima ukuthi sibuye emdlalweni. Kumele siqinise emuva. Sizosebenzisa ijubane ukuze sifike ebhokisini labo kodwa sizobopha emuva ngoba kunzima ukulandela iSundowns ngemuva,” kubeka uDa Gama. 

Womabili lamaqembu asebenzisa inkundla eyodwa iDobsonville ukuqedela imidlalo yeligi (bio-bubble format). IDowns ibigijima kuyo lenkundla ngoLwesibili, idlala ngokulingana ne-Orlando Pirates emidlalweni weligi. IHighlands yagcina ukudlala ngoMashi.

“Emdlalweni odlule iSundowns yakhathala ngesiwombe sesibili. Kodwa iyakwazi ukugcina ibhola, okwenza izitha zihluleke ukuyivimba. Inhloso yethu ukubadlalisa kanzima. Ngithemba ukuthi sizobavimba ngoba thina asikhathele. Sizobafakela ingcindezi,” kusho uDa Gama.