Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp uzishaya isifuba ngezinguquko azenze ngesiwombe sesibili, okuyizona ezishintshe umphumela womdlalo weligi ezakhe zishaya iPolokwane City.
IChiefs ihlule iPolokwane ngo 3-2 ngoMgqibelo eLoftus Versfeld. Amakhosi abelandela ngemuva ngamagoli amabili kodwa agcina ewinile, amuka namaphuzu amathathu kulomdlalo.
UWillard Katsande ongene esuka ebhentshini no-Anthony Akumu bangqofele enethini amagoli abuyise iChiefs emdlalweni kwazise ibilandela ngemuva ngo 2-0. Amagoli ePolokwane ashaywe uJabulani Maluleke noLesiba Nku. Umgadli uSamir Nurkovic ushaye igoli lokuwinisa sekusele imizuzu engu-13 umdlalo uphele.
“Ngithanda ukuncoma uMphahlele, Parker kanye noKatsande. Laba badlali bafike badlala indima enkulu ngokusibuyisa emdlalweni futhi abalilahlanga ithawula. Bebezama ukuthola isisombululo kulenkinga ebesibhekene nayo,” kuchaza uMiddendorp ecashunwa abeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
UMiddendorp ushintshe abadlali abane eqenjini eladlala ngokulingana neBidvest Wits kwiligi emasontweni amabili adlule. Lomqeqeshi uqalise uKearyan Baccus, Reeve Frosler, Lazarous Kambole no-Akumu. Ubeke ngaphandle uLeonardo Castro, Kgotso Moleko noNkosingiphile Ngcobo.
“Ngiyabahlonipha abalandeli beChiefs kakhulu. Ngiyazi kunabadlali abathandwa kakhulu. Kodwa sibatshelile abadlali ukuthi bazodingeka bonke kulemidlalo engu-8 elandelayo. Kubalulekile ukusebenzisa ezinye izindlela zokudlala ngoba abanye abadlali bakhathele futhi lokho ngiyakuqonda. Siziqeqeshe amasonto amathathu kuphela ukuze silungiselele ukubuyiswa kwemidlalo yeligi,” kubeka uMiddendorp.
Ngalomphumela, iGlamour Boys ivule igebe lamaphuzu ayisithupha esicongweni se-Absa Premiership. IChiefs isiqoqe amaphuzu angu-52 emdlalweni engu-24.
Amakhosi azobhekana neBloemfontein Celtic emdlalweni weligi ozobanjelwa eTuks Stadium ngoLwesithathu ngehora lesithupha ebusuku.