Sphamandla Gumede
Ubalise ngezinqumo ezibalahlekisele ngamagoli umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp iqembu lakhe lidlala ngokulingana neBidvest Wits e-Orlando Stadium izolo ebusuku.
IChiefs iye ekhefini ihamba phambili ngegoli lomgadli uSamir Nurkovic. Amakhosi ahlulekile ukuvala emuva njengoba uCole Alexander evalele igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-89, umdlalo waphela ngo 1-1.
Amakhosi athole amathuba amaningi okushaya amagoli ngesiwombe sokuqala kodwa ahluleka ukuwasebenzisa.
“Besidlala okokuqala ezinyangeni ezinhlanu. Sibhedile kakhulu ngamathuba esiwayeke esiwombeni sokuqala. Sihlulekike ukuthatha izinqumo ezifanele ngesikhathi sithola amathuba. Iyona inkinga esibhekene nayo leyo,” kuchaza uMiddendorp ecashunwa abeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
EzikaMiddendorp ziyeke ithuba lokuvula igebe esicongweni njengoba ziqhwakele ngamaphuzu angu-49 ngemuva kwemidlalo engu-23. IMamelodi Sundowns, elele endaweni yesibili, izonciphisa igebe ngephuzu elilodwa uma iwina umdlalo weligi olandelayo.
“IWits iyiqembu elihle kakhulu. Bekunzima sibuye nephuzu elilodwa. Kusele imidlalo eyisikhombisa. Imidlalo elandelayo yonke izobe ibalulekile ngoba wonke amaqembu alwela izindawo kwiligi. Kumele silwe ngoba kuzoba nzima ukudlala namaqembu alwela ukungena kwi-top 8. Ngiyathemba ukuthi sizokwazi ukuwasebenzisa amathuba emidlalweni elandelayo. Ungaqinisa ejimini kodwa emdlalweni kuhlukile,” kuchaza uMiddendorp.
IChiefs izoba nethuba lokulungisa amaphutha uma isidlala nePolokwane City emdlalweni we-Absa Premiership ngeSonto ntambama eLoftus Versfeld Stadium.