Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uveze ukuthi akamboni ezinhlelweni zakhe uGaston Sirino osemdala nangeminyaka ngesikhathi eqinisekisa isikwati esizovala eyokuhlungela i-AFCON 2025 ngemidlalo ne-Uganda neSouth Sudan.
USirino (34), obesanda kugonyuluka ngesifiso sokuyibamba esikwatini, ufike waba yisethenjwa kwiChiefs. Lomdlali ube nesandla kumagoli ayisithupha emidlalweni eyisithupha kwiGlamour Boys.
USirino usenawo nomazisi omgunyaza ukuba anethezeke kuleli njengoba esehlale iminyaka ecela kweyisikhombisa edlala kwiBetway Premiership.
Lomdlali, ongakaze aligqoke ijezi le-Uruguay ngisho ezikwatini ezincane, ubekhalelwa abalandeli abafuna ayovala isikhala sikaThemba Zwane olimele.
UBroos uthi akamboni engena esitayeleni sakhe uSirino futhi useyinkoqoba.
“Ngizokhuluma iqiniso. USirino ungumdlali omuhle impela. Ubaluleke kakhulu kwiChiefs kodwa akayena umdlali engimfunayo.
“Uneminyaka engu-34 ubudala. Ngibheke izinyanga eziningi ngicinga umdlali osemncane ozovala isikhala sikaThemba ngoba naye usekhulile ngeminyaka. Angimfuni omunye umdlali osemdala.
“Ngibheke abadlali abasebancane kunoSirino noma engumdlali osezingeni. Akangeni esitayeleni sami,” kusho uBroos ekhuluma nabeSABC Sport.