Umgadli wokugcina ukunqoba isicoco seligi kwiKaizer Chiefs uKingston Nkhatha useluleke uRanga Chivaviro ngokumele akwenze uma ehhewulwa abalandeli.

UNkhatha wanqoba izicoco ezimbili neChiefs noma wayehlale ebhekene nolaka lwabalandeli ngexa yokugeja. UNkatha unqobe isicoco seligi ngesizini ka-2012/13 nangesizini ka-2014/15 neChiefs.

Kule sizini umgadli okwisizni yakhe yesibili kwiChiefs, uChivaviro, naye ubhekene nenkinga ethi ayifane njengoba abalandeli bebuye bezwakalise ukungenami ngaye. Emdlalweni odlule uRanga besebefuna akhishwe njengoba egeje amathuba ambalwa ngaphambi kokuthi avalele igoli lesithathu kumdlalo ogcine uphele ngo 4-0 beshaya iSuperSport United.

Ngesikhathi ekora waphakamisa izandla enza uphawu lokuthi bakhuluma kakhulu abalandeli.

UNkatha uyameluleka.

“Kunzima ukukhuluma ngale ndaba [yokuhhewulwa], ngoba akulula ukubhekana nakho kwenziwa abalandeli beqembu olidlalelayo. Uvele uzizwe sengathi awubalulekile,” kusho uNkhatha engxoxweni neSABC Sport (Radio 2000).

“Umqeqeshi okukhetha ukuthi udlale uyazi ulenzelani iqembu…kodwa kuba nzima kubadlali ukumelana nokuhhewulwa ngoba udinga ukuqina ukhakhayi.

“Kodwa ke okunye, uma uwumdlali kumele wazi ukuthi kunento ongayenzi kahle uma ubhekana nokungenami kwabalandeli, kuneento okumele uyilungise. Kwamukele, ungalwi. Buyela ekhaya uyobheka ukuthi yini odinga ukuyilungisa ukuze uzosiza iqembu.

“Elinye iphuzu engifuna ukulibeka ukuthi uma abalandeli bengakuthandi izokwenzeka lento. Uma bengakuthandi, bazokukhombisa ukuthi abakuthandi. URanga kumele azi ukuthi abalandeli kunabadlali ababathandayo, ngoba abaqondi ukuthi abadlali abenzi izinto ezifanayo enkundleni.”

Noma uRanga engeneme ngabalandeli beChiefs, kubalulekile ukuveza ukuthi lo mgadli uqale ngebatha ePhefeni.

Ngesizini edlule ushaye amagoli amane emdlalweni ewu-20 yeligi. Kule sizini usevalele amabili emdlalweni emithathu.