Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ubalisa ngekhefu leFIFA elifike ngesikhathi esingesihle njengoba ezakhe zidedela induku kulezi nsuku.

IBucs iyoze ikhuze ibuya ngomhlaka 26 kuNovemba uma isibhekene neCR Belouizdad koweCAF Champions League ekuhambeni. 

IBucs ihambela phezulu kwiBetway Premiership njengoba isiyinqobe yonke imidlalo eyisikhombisa, okuyirekhodi elisha emabhukwini ayo. 

“Ukunqoba imidlalo ilandelana eduze kunyusa ilukuluku kubadlali. Bengifisa siqhubeke neminye imidlalo, sengicabangela nabadlali ngoba basefomini enhle futhi nemiphumela iyasivuna. 

“Bengifisa siqhubeke nemidlalo kodwa inkinga ukuthi babizelwe ezikwatini. Bakhona abasalile eGoli, sizoqhubeka nabo namalungiselelo emidlalo ezayo. Imidlalo iminyene eduze ngoNovemba, Disemba noJanuary. Ikhefu elilandelayo lizofika ngoMashi, angeke siphazamiseke uma sekuphele ikhefu lamanje,” kusho uRiveiro ekhuluma noRobert Marawa kuRadio 947.

IBucs inabadlali abahlanu ababizelwe kwiBafana Bafana okungabalwa kubo uSipho Chaine, Nkosinathi Sibisi, Patrick Maswanganyi, Evidence Makgopa noRelebohile Mofokeng. UDeon Hotto uhambe neNamibia, uGilberto waqokwa esikwatini se-Angola. 

URiveiro uthi ukukhononda angeke kubasize ngalutho ngoba amakhefu eFIFA ayohlezi ekhona.

“Akukho engingakwenza ukuze ngivimbe amakhefu. Akukhathalekile ukuthi ngiyalithanda yini ikhefu. Ibhola lesikhathi samanje lifuna ukuthi uhlele izinto kusanesikhathi.

“Nabadlali bazohlaba ikhefu okwamanje, sizame ukusiza nabanye abaphansi ngokwezinga. Sizobheka nezinye izinto ezithinta iqembu. Sizogxila nasemaphutheni amancane obekunzima ukuwanaka ngoba imidlalo yethu ibisondelene eduze. 

“Angeke ngikhalaze ngekhefu. Sizolisebenzisa ngendlela ikhefu ukuze sizobuya singcono kakhulu,” kubeka uRiveiro.