Yelulwe ngeminyaka emibili inkontileka kaShaun Bartlett kwiCape Town Spurs kulandela ukubuyisela leli qembu esigabeni esiphezulu sebhola kuleli.
ICape Town Spurs iqinisekise lezi zindaba izolo emakhasini ayo ezokuxhumana kulandela imibuzo ngekusasa likaBartlett. ISpurs yagcina ukugijima kulesi sigaba isabizwa nge-Ajax Cape Town.
Cape Town Spurs are pleased to announce that Shaun Bartlett has extended his contract for a further 2 years. We wish Shaun all the best for the new season.🛡️💪🏼 #CapeTownSpurs #UrbanWarriors #PSL #OURYOUTHOURFUTURE pic.twitter.com/kDR2iNk0S1
— Cape Town Spurs FC (@CapeTownSpursFC) June 19, 2023
Ukungena kwayo kwiDStv Premiership kulindeleke ukuthi kushubise izinto eWestern Cape njengoba abaphathi bayo benomlando nabaphathi weCape Town City FC, kanti sekunelinye iqembu futhi elidedela isibhaxu kulesi sifundazwe, iStellenbosch FC.
Umsebenzi wokuqala kaBartlett kuzoba wukuqinisekisa ukuthi leli qembu liyazinza kwiDStv Premiership ngesizini ezayo, ukuze likwenze lokho kufanele lizame ukuqeda kwi-top 8 ngesizini ezayo.