Kulindeleke ukuthi amenyezelwe njengomdlali omusha weWydad Athletic Club maduze uBongani Zungu ohlukane neMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule.

UZungu sekunamasonto kuhlawumbiselwa ngekusasa lakhe kulandela ukuhlukana nompetha beDStv Premiership.

Emasontweni amabili edlule uvumbuke eTurkey, okwenze abaningi bakholwa wukuthi uyoxoxisana neqembu elilodwa phakathi kweKaizer Chiefs neWydad, njengoba omabili lamaqembu ecijela isizini entsha khona.

Ngokombiko we-Unplayable, uZungu useqede konke neSundowns.

“Imedical useyenzile. Uzoba ngomunye wabadlali abayinqwaba abazosayiniswa yiWydad,” kusho umthombo osondelene nodaba we-Unplayable.

Leli qembu bekusolwa ukuthi lingase libe nenkinga yokusayinisa abadlali njengoba bekunabadlali abebekhalaza ngokungakhokhelwa. Umengameli walo waveza nokho ukuthi bathole abaxhasi abasha abazoba siza kwinkece, bakwazi nokuqinisa iqembu.

Kuleli qembu uZungu uzosebenza nobengumqeqeshi wakhe kwiSundowns uRhulani Mokwena okuzobe kulindeleke ukuthi anqobe isicoco seligi kwisizini yakhe yokuqala eMorocco.