Umengameli wase-United States of America, uJoe Biden, ugcine ekhethe ukuhoxa okhethweni olungoNovember njengoba sekucacela ngisho ingane ukuthi isihambe kakhulu iminyaka kuye.
UBiden ubematasa ekhankasela amaDemocrats ezinyangeni ezedlule kodwa imbangi yakhe ehola amaRepublicans, uDonald Trump, umfake uswazi kwiPresidential Debate abaningi baphakamisa imibuzo ngaye.
Abaningi bakhala ngokuthi uBiden usegugile futhi uphethwe yizifo ezihambisana nokuguga, njengoba abanye besola ukuthi une-dementia. UBiden uhoxa nje uvele uxinwe yiCovid.
Ngeledlule kunowesilisa ozame ukubulala uTrump obekhuluma nezinkumbi zabantu, kodwa inhlamvu yamgudla endlebeni nje kuphela, wasinda. Ngokwabahlaziyi lesi sigameko sikhuphule uthando kubantu abeseka uTrump. Nabebengameseki kuthiwa sebegqishe ngakuyena okutatazelisa amaDemocrats.
Ukuhoxa kukaBiden kusho ukuthi kuzophakama iphini lakhe uKamala Harris.
Ngesikhathi ememezela ukuthi useyahoxa, uBiden uthi weseka uHarris ukuthi amele amaDemocrats okhethweni.