ISABC Sport ilaxaze umqhudelwano webhola wosaziwayo beGqom, Maskandi, Gospel neHip Hop kuphikiswana ngamaqembu okumele abhekane kowomanqamu izinceku zingayizwa eyokuthi zishayiwe.
Umethuli weSABC u-Andile Ncube ukhulume nomholi weqembu likaMaskandi uKhuzani ebuza ukuthi kwenzenjani njengoba sekunokungaboni ngasolinye ngamaqembu azobhekana kwifinal.
Kuma-semifinal iHip Hop FC ixebule uMaskandi ngo 2-0. Kowesibili kuwine iGqom emdlalweni wayo neGospel. Inkinga isuke sekuvela ukuthi uMaskandi ube nesikhalo esitheli, savunyelwa…kuthiwa iGospel ithe yizwa lokho nayo yaphakamisa isikhalo, okucasule uDJ Tira kakhulu.
“IHip Hop iwinile emdlalweni noMaskandi, kodwa kunento uMaskandi…nasemdlalweni wesibili neGospel iyakhala ngokuwina kweGqom. UKhuzani, uthe ngoba lento ayilungiseki, uyahlela bonani ukuthi nenze njani. UDumi [Mkokstad] kunokuthi enze okufanayo njengomuntu owenze iphutha, kufanele ngabe uyahlehla naye. Uma engahlehli nathi asihlehli.
“Abantu babonile ukuthi siwinile. Nangonyaka odlule uDumi wafika wenza izinto zakhe. Kwaba khona izinto esikhala ngazo kodwa wayiwina icup, wahamba. Namhlanje sekuwine thina, sekukhona izinto akhala ngazo sekumele kume yonke into?” kubuza uTira.
Uthe esasho njalo kwaqhamuka uBig Zulu wathi abasayingeni nabo sebeyaphuma beyiHip Hop, bathi abadlale abafuna ukuqhubeka.
Kubuzwa uDumi uthe yena akanankinga, ufuna ukudlala kwifinal futhi ulandele imithetho yomqhudelwano.
Uthe ngokomthetho kuthiwe iqembu ngalinye kumele libe nowesifazane…okuyinto athi iGqom ayikwenzanga ngakho ayikufanele ukuba kwifinal.