Minenhle Zwane

Ugquqguzela abantu besimame ukuba basukume balwe nobubha ngokutshala owesifazane osengumlimi kulandela ukuwelwa yibhizinisi lokupheka ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane iCovid-19 eliphazamise osombhazinisi abaningi abazimele kuleli.

UNcumisa Mkabile (27) odabuka eKhayelitsha, eCape Town, uthi ukuphucwa isinkwa yiCovid-19 kwamphoqa ukuthi aqhamuke namanye amasu okwenza imali wabe esefikelwa yisu lokutshala isipinashi nokudayisa izinkukhu.

“Nganginenkampani yokupheka kuyiyo yodwa eyayingingenisela imali, yize kwababuhlungu sengiyivala angizange ngimoshe isikhathi ngigxeka uHulumeni njengabanye abantu abawelwe amabhizinisi abo ngesikhathi sika thaqa kepha ngahlala phansi ngabheka ezinye izindlela zokwenza imali,”usho kanje.

Njengoba elakuleli ligubha inyanga yabantu besifazane, uqguqguzele abantu besimame ukuthi baxoshe ikati eziko ngokutshala.

“Singabamba iqhaza ekwehliseni izinga lobubha ezweni lethu ngokuthi sizakhele thina amathuba omsebenzi. Qala ngalokhu okuncane onakho ukutshale egcekeni lakho uzowathola amasenti amancane ngokuhamba kwesikhathi uzothuthuka”kuchaza u Ncumisa.

Uqhube wathi kumele bazijwayeze nokunqgogqoza kuyo yonke iminyango uma bedinga usizo futhi bengapheli umoya uma bengasizwa kwezinye izindawo.

Echaza kabanzi ngokuthi leli bhizinisi lakhe lihluke ngani kunamanye uveze ukuthi amakhasimende akhe uwadilivela ezindlini.

“Ngabona kubalulekile ukuthi ngibadilivele emakhaya ngoba njengoba kuhlasele i- Coronavirus abantu abaningi abasakhululekile ukuya ezitolo ngenxa yokusaba ukuhaqeka. Mina ngiphephisa izimpilo zabo ngiphinde ngibongele nemali abebezogibela ngayo uma bebeqoka ukuyothenga emadolobheni.”

Lentokazi okuyimanje isikwaze ukuqasha abantu abayisikhombisa abayilekelelayo iveze ukuthi uma ingathola ithuba lokuyolufundela lolu hlobo lomsebenzi ingalibamba ngezandla zombili.

“Ngingalithatha ngigijma lelo thuba ngoba luningi ulwazi engingalithola esikoleni olungangisiza ekuthuthukiseni ibhizini lami. Ulwazi enginalo njengamanje ngizifundise mina nge-internet,” kuchaza yena.

Eqhuba uveze ukuthi inyanga yabesifazane kuye isho ukuthi abantu besifazane kumele babumbane baqhamuke namasu aphusile okulwisana nezinga lobubha eliphezulu eNingizimu Afrika.

“Asibeni yimbumba sisebenzise imiqondo yethu ekusunguleni izindlela zokuxosha indlala. Kumele silwe ndawonye njengamaqhawe esifazane abamba iqhaza ekulwisaneni nobandlululo. Namanje umzabalazo usaqhubeka”usho kanje.