PHUMELELE NXUMALO
USJAVA usephumele obala wadalula okwadala izinkinga ebudlelwaneni bakhe nowayeyisithandwa sakhe umculi we-Afro Pop uLady Zamar.
USjava udalule lokhu ngemva kwesikhathi eside bengathi vu noLady Zamar ngokuqhubekayo kulandela icala lokuhlukunyezwa ngokocansi elafakwa nguLady Zamar elifakela uSjava.
KwiVideo ayifake ekhasini lakhe lika-Instagram uSjava uveze ukuthi ubudlelwano babo baqala ngo-2017.
“Siqale ukuthandana ngo-2017. Ngesikhathi sihlangana ngamtshela ukuthi nginayo intombi waba ngumuntu okuqondayo lokho. Ekuhambeeni kwesikhathi wabuye washintsha waba ngumuntu othi kuzomele ngikhethe ke manje engasahambisani nento esasivumelane ngayo. Zaqala lapho ke izinkinga kanti futhi ebudlelwaneni bethu kuningi okwadala ukuthi angajabuli kanti mina ngiwumuntu ozimisele kulento engyenzayo,” kusho uSjava.
Lo mculi uthe, uyabona ukuthi uLady Zamar (yize engamdalulanga ngegama) wazibona ehlazekile ngobusuku bomcimbi kaSjava.
“Wazizwa engathi uhlazekile ngaleso senzo kanti ngithanda ukuxolisa ngalokho. Nokuthi abantu bathi uwumakhwapheni uthandana nendoda eshadile kwameza wazizwa ehlazekile. Konke awayekusho ethi akasakwazi nokungibheka emehlweni ngoba ngamdlwengula angikwazi, futhi angihlangani nokudlwengula mina,” kusho yena.
Lezi ntandokazi zike zaba sematheni abezindaba nyakenye ngesikhathi uLady Zamar eneka konke ngobudlelwano bakhe noSjava enkundleni uTwitter ngemva komcimbi kaSjava owawusePitoli lapho aveza khona intombi yakhe okokuqala. Kokunye akudalula ukuthi uSjava wamfihlela ukuthi unentombi kanti futhi ubemhlukumeza yonke iminyaka emibili ngesikhathi benobudlelwano.