PHUMELELE NXUMALO

UJABULE ngokukhula ngesivinini kwebhizinisi lakhe lokucwala izinzipho uFundiswa Ngwane weFundiiNails waseMzinto, eSouth Coast.

UFundiswa (29) ungumsunguli weFundiiNails okuyibhizinisi lokucwala izinzipho alisungule eminyakeni emibili eyedlule. UFundiswa uthe, ukuba nebhizinisi lokucwala izinzipho akuyona into abeke ayicabange ngaphambilini. Uthe, ngumuntu owayecwala ezakhe izinzipho owamtshela ngaleli bhizinisi.

“Empeleni angikaze ngifunde noma ngicabange ngento ehlangene nezobuhle. Ngisebenze njengoweta cishe iminyaka emithathu noma emine. Ngathi ngiyocwala ezami izinzipho kwaba khona usisi owangisukela wangibuza ukuthi ngingathanda yini ukufunda lo msebenzi wezinzipho ngase ngivuma kanjalo. Ngenhlanhla kwangithatha izinsuku ezintathu kuphela ukufunda ngase ngiqala lapho ke,” kusho uFundiswa.

Ufundiswa uthe, ujabule kakhulu ngendlela abantu abawamukele ngayo umsebenzi wakhe.

“Ngingaphezu kokujabula. Ngethukile ngendlela elisheshe ngayo ukusimama ibhizinisi lami. Ngokujwayelekile amabhizinisi athatha cishe iminyaka emine kuya kwemihlanu ukuthi asimame kodwa mina kungithathe izinyanga. Okwamanje ibhizinisi lami lizinze eThekwini kodwa bengisacabanga ukuthi ngiye nakwezinye izindawo. Uthaqa ungikhombisile ukuthi kungenzeka ukuthi ngihambele nezinye izindawo,” kusho yena.

Lo somabhinizisi uthe obekunzima ngesikhathi sikathaqa wukuthi besekumele abantu babekise izikhala zokuzocwala izinzipho.

“Uma kubekiswe izikhala omunye umuntu akabe esasho uma eseshintshe umqondo engeke eseza noma omunye afike sesidlulile isikhathi sakhe sokucwala izinzipho. Okunye obekunzima wukuthi izinzipho aziyona into ebaluleke kangako ngakho abantu bebekhetha ukuyothenga ukudla kunokuba bazocwala izinzipho. Okunye okuyaye kugqugquzele abantu ukuthi bacwale izinzipho imicimbi kanye nezindawo zokucisha ukoma nakho obekuvaliwe ngesikhathi sikathaqa lokhu kungokunye obekunzima,” kusho yena.

Uqhube wathi, uzibona engumnikazi wengxenye yebhilidi asebenzela kulona aphinde aqashe abantu abazomsebenzela.

“Ngifuna ukukhula nginezele nezinye izinto ebhizinisi ezifana nokuphaqula ngoba kuyahambisana nokucwalwa kwezinzipho, kodwa lokho kuzokwenzeka uma sengithole abantu abazongisebenzela. Ngifuna abantu futhi abazoba nomdlandla ofana nowami abangeke bathi ngiyabagqilaza ngoba mina anginaso isikhathi sokungena nesokuphuma. Lokhu kungenye yezinto ezenze ngakhula kakhulu,” kuqhuba yena.

Uthe, iseluleko angasinikeza abanye abafisa ukulandela umkhakha ofana nowakhe esokuthi kufanele bomelele ukuze bamelane nabantu abancintisana nabo kule ndima. Uthe, okunye okubalulekile ukuphatha amakhasimende ngendlela egculisayo ukuze nawo ezokwazi ukubona uma usuku lwakho lungeluhle angakubeki mabala uma kwenzeka wenza iphutha ekucwaleni izinzipho zawo.